Ukuthwala: Yini ukuthwala?

Ukuthwala ukwenza izinto ezithile ezinzima ukuze usheshe unothe ubenomcebo ngamabhizinisi athile osuke ufuna ukunotha ngawo.
Kungaba amatruck, amabhasi, izitolo, amatekisi, amasonto, ukuba kwezombusazwe, ukuba umelaphi wendabuko onothile njalo njalo...
Uyazikhethela ukuthi ufuna Ukuthwala ngani.

Enye yezinto eyenziwayo ukusayina isivumelwano nobumnyama esishoyo ukuthi "mina SIBANIBANI ngiyavuma ukuthi konke engizokwenza kusukela manje kuzoba imfihlo YAMI ngize ngiyongena ethuneni. Ngiyizinikela ukuthi uma siphela lesi
sivumelwano (ukufa/uyafa) ngizoqhubeka ngisebenzele abanye ngibalandele lo mnotho nami ebengiwudla ngisaphila. Ngizoyigcina yonke imigomo nemibandela yalesivumelwano okubala neminikelo yakhona edingakalayo"

Uma umuntu eyothwala uke akalelwe iminyaka akazoyiphila esadla lo mnotho
Uma usufikile loyo nyaka wokuphela kwesivumelwano sakhe uyashona ahambe nawo umnotho wakhe. Abasele basale behlupheka kakhulu ngoba kuphela konke namabhizinisi aphele wonke besale abaphilayo bengenalutho.

Umuntu obethwele akahlangani nomndeni wakhe ngoba wazihlangula emndenini
walahla amadlozi akubo AMAHLE, wadela umphefumulo wakhe wakhetha amadlozi obumnyama ukuthi kube yiwona amlethela umncebo. Uya ebumnyameni ayosebenzela abasebumnyameni. Ufana nomuntu othwetshuliwe yize ethwetshulwe ubumnyama futhi ezosebenza enika abantu ingcebo.
Lento yokuthwala iyibhande kusinwa kudedelwane. Yingakho abantu abathwele bengalali. Baphila impilo yokwebolekwa, isikhathi sabo sikaliwe ngakho abakwazi ukuchitha isikhathi sabo ngobuthongo obude kumele basebenze imini nobusuku bedla lomnotho.

Uma uthwele ubohlala wazi ukuthi
angeke uwubone umndeni wakho kwelizayo noma usukhala uziginqa kuphela uyoba isisebenzi kuze kubuye obuyayo. Ingakho umuntu owathwalayo engaveli ngisho nangamaphupho ingoba umoya wakhe awuhlangene nomndeni wakhe futhi awuphumule uyasebenza lapho ukhona usebenzela abanye abadinga
lo mnotho.

Kulula ukungena ekuthwaleni kodwa ukuphuma akuphumeki. Isithwalo siyokulandela noma usufile. Ngeke usetshenzelwe bese wena ungasebenzi!

Umnotho womuntu othwele kusuke kungesiwo owakhe yingakho uma eshona ewulanda kancane kancane uze uphele. Usuke esewudlulisela
kwabanye abangenile. Bese ephinde eqhubeka ke nokuyobazamela omunye ukuze bacebe njengaye mhla esaphila.

Ukuthwala ke kuyahlukana:
• Kukhona ukuthwala ngegazi labantu (imvamisa ngabantu basemndenini wakho ikakhulukazi umagcina wakho).
• Kube khona ukuthwala ngesilwane (imvamisa kuba yinyoka). Lapho imvamisa uhlaba izinkomo unyaka nonyaka uyiphakela igazi ukuze ingagcini isihalela elabantu ebaleni. Kwesinye isikhathi uyithengela abesifazane abazoyithokozisa ngokocansi.

**Sibindi uyaphilisa, sibindi uyabulala!
You can follow @IsintuSakithi.
Tip: mention @twtextapp on a Twitter thread with the keyword “unroll” to get a link to it.

Latest Threads Unrolled: